Ljubljana- Udokotela waseSlovenia ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokubulala iziguli eziyisikhombisa, ngokusho kombiko.
Amaphoyisa atshele abezindaba ngesitatimende ukuthi: “Kuvulelwe icala lokuzimbandakanya nezenzo zobugebengu. Kuboshwe umuntu oyedwa ngalezi zigameko.”
Amaphoyisa awalidalulanga igama lomsolwa.
OLUNYE UDABA: Umahosha uvume elokubulala isikhulu sakwaGoogle
Imibiko yabezindaba ithe udokotela uboshiwe ngoLwesibili kanti ubesebenza esibhedlela i-UKC esisenhlkokodolobha iLjubljana ngaphambi kokuthi axoshwe ngokushona kwesiguli esineminyaka engu-83 ubudala.
Umjovo wokubulala abantu awuvumelekile ezweni laseSlovenia.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho