Tokyo - Amaphoyisa aseJapan abophe umlisa oneminyaka engu-33 ubudala ngezinsolo zokuba umalugaju wamakati aseTokyo, njengoba sekutholakale khona amakati angaphezulu kwangu-40 kusukela ngo-Ephreli, kusho umbiko ngoLwesihlanu.
Umlisa lona uthweswe icala lokubulala amakati ngokuthi awasonte ngentamo bese ewasakaza ngamakhanda phansi, kubike abezindaba zeKyodo.
Lo mlisa usolwa ngokwephula imithetho yokuvikelwa kwezilwane.
Funda nalulu daba: Izelamani zidla izilwane ezifile.
Amaphoyisa endawo athole izidumbu ezine zamakati ebhakedeni ebelisebhayisikilini lakhe, kusho umbiko.
Lo mlisa utshele amaphoyisa ukuthi ubewabulala ngoba ekhipha ukukhathazeka abenakho futhi ubediniwe kakhulu, kusho abaseshi betshela iKyodo.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.