Kunduz - Kushone okungenani abantu abangu-20 abebehambele umshado ngesikhathi kuqubuka impi yezulu lezandla enyakatho ne-Afghanistan, kusho izikhulu ngoMsombuluko.
Lesi sigameko senzeke ngeSonto eDeh Salah, eBaghlan, okwakuyidolobha elalihaqwe kakhulu yizihonga zeTaliban.
"Kube sekushona abantu abangu-20 kwathi abangu-10 balimala," kusho isikhulu samaphoyisa esifundazweni uJawed Basharat etshela i-AFP.
OLUNYE UDABA: Kushone umkhwenyana eya emshadweni wakhe
Owamaphoyisa akulesi sifunda uGulistan Qusani uthe kuqale kwaba nokuqophisana ngamazwi ngaphambi kokuthi oshayasibhamu bavulele ngenhlamvu.
"Kube nokuqophisana, kwathi kusenjalo kwakhishelwana izibhamu kwadutshulwana," esho etshela i-AFP.
Uphethe ngokuthi bonke abashonile ngabesilisa abebehambele umshado abebephakathi kuka-14 no-60 ubudala.