Cape Town - Kubulawe abantu abantu-15, kubalwa kubona nabayishumi abangamasosha kahulumeni, ngesikhathi kuliwa lapho kwaphahlazeka khona indiza yeMalaysia Airlines, i-MH17, kusho okhulumela amasosha ase-Ukraine ngoLwesihlanu.
"Okwamanje kwaziwa ukuthi bangu-15 abashonile kodwa izidumbu zabanye abane azikahlonzwa, kanti kungenzeka ukuba ezamasosha ase-Ukraine noma ezabashokobezi," kusho u-Oleksiy Dmytrashkivsky.
Uqhube wathi okwamanje ayishumi amasosha ase-Ukraine osekuqinisekisiwe ukuthi ashonile kulokhu kulwa okwenzeke edolobheni laseShakhtarsk okuyindawo engamakhilomitha angu-25 ukusuka endaweni yesehlakalo okwaphahlazeka kusona i-MH17.
Ekuseni amasosha aseUkraine ahlaselwe.
Isimo asisihle kwelase-Ukarine njengoba kunamavukelambuso afuna ukungena ngaphansi kukahulumeni waseRussia nokuyinto esiyenze izwe laseRussia lingezwani nelaseMelika.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).