Tokyo - Inkampani yezingubo zangaphansi eJapan, iTriumph International, ibuyisela emuva obhodisi abangaphezu kuka-20 000, ekuthiwa bangaba nobungozi kwabesifazane ababagqokayo.
Ubhodisi lona kuthiwa usebenza ngelanga kanti uqanjwe kwathiwa yi-Abenomics, kuhlonishwa uNdunankulu uShinzo Abe.
Funda nalolu daba: Zibonele ubhodisi ka-R20 million
"Siyaxolisa ukuniphazamisa kodwa siyacela nibuyisele emuva obhodisi, sizozama ukubalungisa sigweme izingozi ezingehla," kusho isitatimende senkampani.
Obhodisi kuthiwa bayabhoboka bese loyo owugqokile athole ukulimala esikhumbeni.
Ubhodisi ngamunye ububiza imali ephakathi kuka-R500 kuya ku-R600, kusho abezindaba zeThe Guardian.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.