Kabul - Oshayasibhamu okusolwa ukuthi abeqembu leTaliban bamise izimoto ezimbili maphakathi nezwe lase-Afghanistan badubula babulala abagibeli abangu-15, kusho izikhulu ngoLwesihlanu.
Uyedwa kuphela osindile kulesi sehlakalo esenzeke esifundazweni iGhor, lapho khona oshayasibhamu bebulale abalisa abangu-11, abesifazane abathathu kanye nengane eyodwa.
"Oshayasibhamu kuthiwa bayalele bonke abagibeli ukuba bame ulayini, ngemuva kwalokho babadubula,” kusho u-Abdul Hai Khatibi, okhulumela uhulumeni wesifundazwe eGhor, etshela abe-AFP.
"Oyedwa ukwazile ukubaleka, kanti abanye badutshulwe esifubeni nasekhanda,” usho kanje.
Kuze kube manje abekho asebephumele obala ngalokhu kuhlasela kodwa kusolwa iTaliban.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.