New Delhi - Ukuba khona kwenkundla yezokuxhumana uTwitter kusize izingane ezintathu ezilaxazwe ngubaba wazo esiteshini sesitimela eNdiya.
Lezi zingane ezintathu, okungoRahnuma, 7, Raja, 5, noSanya, 4, zishiywe ngubaba wazo esiteshini sesitimela esiseNew Delhi, nokuthiwa usuke nazo ekhaya ethi uyazikhipha.
Kuthiwa ubaba ube esetshela izingane ukuthi uyeza umama wazo uzozilanda ngaphambi kokuzishiya zigodola, zilambile futhi zisaba, kubika iDaily Mail.