Phuket - Izikhulu zaseThailand sezigwebe izintatheli ezimbili ezisolwa ngokubhala kabi ngamasosha kahulumeni ekwathiwa asemkhonyovini wokushushumbiswa kwabantu.
Umbiko wathi kushushumbiswa abantu abasuka eMyanmar.
Umhleli wabezindaba odabuka e-Australia nosebenzela umthombo iPhuketwan ekanye nozakwabo wakhona eThailand, bavele ngaphambi kwenkantolo batshelwa ngamacala ababekwe wona.
Babe sebelahlwa amacala, banikwa inhlawulo ka-100 000 baht ($3,010).
Abe-website babhala udaba ngenyanga kaJulayi nyakenye, bebika ngodaba abathi balucaphune kwabezindaba zeReuters, kuthiwa amasosha ashushumbisa abantu baseMyanmar babangenise ezweni ngokungemthetho.
Amasosha afaka icala ngenyanga kaDisemba.
Abenhlangano yamalungelo abantu, balwela ukuthi kuxohiswe amacala.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).