Europe - Ibhodi eliphezulu lamalungelo abantu e-Europe lithi izwe laseFrance alenzi okwanele ukuvikela ukushaywa kwezingane.
Umkhandlu wase-Europe uthi iFrance wephula umthetho wamalungelo omphakathi akusomqulu wamazwe ase-Europe njengoba umthetho waseFrance ungakuvimbeli ukuba abazali kanye nabanye abantu ekushayeni izingane ngendlela efanele.
Leli bhodi elinamalungu angu-47 lathatha lesi sinqumo ngoSeptember. Kanti sichicilelwe ngemuva kokuphela kwesikhathi sokuba nezinye izinhlaka zibeke izimvo zabo.