Baghdad - Kuhlaselwe ibhasi ebelithwele iziboshwa kanye nezimoto zamaphoyisa ebeziphelezela enyakatho yeBaghdad, kwashona abantu abalinganiswelwa ku-60 ngoLwesine.
Iningi lababulewe eTaji, okuyindawo engamakhilomitha angu-25 ukusuka eBaghdad, bekuyiziboshwa, iningi lazo okungabesizwe samaSunni abathweswa amacala obushokobezi.
Ukuqhuma kwamabhomu okwenzeke ngesikhathi kuhlaselwa kuzwakale nalapho kufikele khona unobhala jikelele weUnited Nations, uBan Ki-moon ngoLwesine.
"Cishe bangu-60 abantu abashonile, iningi labo bekuyiziboshwa kanye namaphoyisa,” kusho uMnyango wezangaphakathi utshela abe-AFP.
Kuthiwa iziboshwa beziyiswa kwelinye ijele ngemuva kokuqubuka komlilo ejele laseTaji ngoLwesithathu.
Abezempilo bathe cishe zingu-50 iziboshwa ezishonile kanti abanye bekungamaphoyisa.
Iningi labashonile lishe ngendlela yokuthi kunzima ukubahlonza, kusho abezempilo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).