Gaza City – Kuhlaselwe isiphehli sikagesi okungukuphela kwaso eGaza Strip, kusho iphini likamqondisi wezamandla ePalestine ngoLwesibili.
"Isiphehli sikagesi asisasebenzi ngemuva kokuba abakwa-Israeli besihlaselile izolo ebusuku,,” kusho uFathi al-Sheikh Khalil etshela abe-AFP.
Intatheli ye-AFP ibone umlilo omkhulu ngalapho kuphehlwa khona ugesi ngoLwesibili ekuseni, ngaleso sikhathi bezingakafiki nezimoto zoMyango wezamandla.
Ukulimala kwesikhungo sokuphehla ugesi kwandise umonakalo wengqalasizinda esilimele kakhulu kusukela kuqale udlame ezinsukwini ezingu-22 ezedlule.
Ngaphandle kwalesi sikhungo sokuphehla ugesi esesilimele, iGaza
ugesi omningi iwuthenga kwelakwa-Israel, kodwa izintambo eziningi besezivele
zilimele, kusho uSheikh Khalil.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.