Khan Yunis - Kubatshazwe ukusebenza ngokuzimisela kodokotela baseGaza ngesikhathi behlenga ngempumelelo usana obelusaseswini sikanina, nobese kuphele ihora eshonile.
UShayma al-Sheikh Qanan, 23, ubenezinyanga eziyisishiyagalombili ezithwele ngesikhathi ukuhlasela kuka-Israel emoyeni kushaya umuzi wakhe eGaza Strip.
Ukuhlasela lokhu kumshiye esesimweni esibucayi benomyeni wakhe.
"Ugcine ngokushonela endleleni eya esibhedlela," kusho uFadi al-Kharti, nobesesibhedlela iDeir al-Balah.
"Ngesikhathi umufi evaleleke ngaphansi kwemfucuza, sabona kunokuthile okunyakazayo esiswini sakhe kwase kusikhanyela ukuthi ukhulelwe," esho.
Odokotela babe sebemhlinza ngokuphuthuma bakwazi ukuhlenga ingane yentombazane, nebe isiqanjwa igama likamama wayo ongasekho.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter