Moscow - Sekukhishwe abantu esikhumulweni sezindiza ePulkovo eSt. Petersburg eRussia ngemuva kwemibiko ethi kukhona ibhomu, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.
U-Anna Fedoseyeva, okhulumela isikhumulo sezindiza edolobheni elingelesibili ngobukhulu eRussia, uthe ukukhishwa kwabagibeli kanye nabasebenzi kuqale ngo-15:00, ngesikhathi saseRussia.
Uthe izindiza ezifikayo bezisamukelwa ukuba zihlale kulesi sikhumulo kodwa abagibeli bebengavunyelwe ukuba behle.
Amaphoyisa ezokuthutha athe athole ucingo obeluvela kumuntu ongaziwa, ebazisa ukuthi kunebhomu esikhumulweni sezindisa.
Kuvamile ukuba kwenzeke izehlakalo ezinjena kwelaseRussia, kodwa akuvamile ukuba kuze kukhishwe abagibeli ngaphandle.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.