Johannesburg - Izimvula ezinamandla sezidlule nemiphefumulo yabantu abangu-17 eTexas e-Oklahoma, okubalwa kubona nabane baseHouston lapho khona imigwaqo isiphenduke amadamu ngenxa yezikhukhula, kusho izikhulu ngoLwesibili.
Isibalo sabashonile kulindeleke ukube sikhule njengoba bebaningi abantu abangakatholakali eTexas.
Funda nalolu daba: Kuboshwe abasolwa ngokushushumbisa abantu
Izikhukhula zicekele phansi izindlu zabantu eziningi, amabhulohwe kanye namathuna.
"Iningi labantu kudingeke bazishiye izimoto zabo emigwaqeni kungasahambeki ngenxa yamanzi,” kusho iMeya yaseHouston u-Annise Parker.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.