London - Umlisa waseBhrithani wazenza okhubazekile waphinde wazenza umuntu ohlala ngokuba kwikhoma iminyaka emibili ngemizamo yokugwema ukubhekana namacala utholwe enecala ngemuva kokuba amaphoyisa ambambe ezihambela nje kwesinye sezitolo ezinkulu.
Abashushisi bathi u-Alan Knight webela isaguga esingumakhelwane wakhe imali engaphezulu kuka-$64,000 esasinesifo esaziwa nge-Alzheimer.
Ngesikhathi amaphoyisa eqalisa uphenyo ngalolu daba, uKnight waveza ukuthi ukhubazekile futhi ugula kakhulu kangangokuba kwesinye isikhathi uyaquleka isikhathi eside.
Funda nalolu daba: U-Obama uqabula intombi yomuntu.
Amanga akhe aze aphuma ngesikhathi amaphoyisa elandela umkhondo ngokusetshenziswa kwekhadi lakhe lasezitolo, abe esebeka amakhamera ezitolo.
UKnight uwavumile amacala akhe angu-19 eSwansea Crown Court ahlanganisa ukukhwabanisa nokweba.
Inkantolo ithe kulindeleke ukuba uKnight agwetshwe ngoNovemba. – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.