"Ngingakuqinisekisa manje
ukuthi indiza itholakale iphahlazekile,” kusho isikhulu, kodwa asifunanga
ukwenaba ngemininingwane yembangela yengozi ngesikhathi sikhuluma nabe-Reuters
Izisebebenzi ebezisebenza ebhanoyini bekungezaseSpain zonke.
Kukholakala ukuthi iningi labantu abebesebhanoyini bekungabaseFrance, kusho uNgqongqoshe wezokuthutha eFrance, uFrederic Cuvillier.
Imibiko yaphambilini ibithi kuduke ibhanoyi iDC-9.
"Ibhanoyi linyamalale eGao (in Mali), okuyindawo engamakhilomitha angu-500 ukusuka ngasemgceleni wase-Algeria," kusho uNdunankulu u-Abdelmalek Sellalwas esiteshini somsakazo e-Algeria.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).