Cape Town - Kuqhume ibhomu ebicushwe emotweni ngoLwesihlanu ngaphandle kwehhotela eningizimu yeThailand, kwashona abantu abathathu kwalimala abangu-36, kusho amaphoyisa.
Kulabo abalimele, abathathu basesimeni esibucayi, kusho uLieutenant Colonel Sophon Saisuree etshela abe-AFP eseBetong esesifundazweni saseYala, lapho kwenzeke khona lesi sehlakalo.
"Ibhomu iquhume phambi kwehhotela iHoliday Hotel ngezithuba zabo-16:00,” usho kanje.
"Sasibikelwe ukuthi kuzohlaselwa maphakathi nendawo eseningizimu uma sekuphela iRamadan," kuqhuba uSophon.
Bangaphezulu kuka-6,100 abantu asebebulewe ezehlakalweni zokuqhuma kwamabhomu nezokudubula ezenzeka endaweni yamaSulumane eThailand kusukela ngo-2004.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.