Tamil Nadu- Kushone abantu abangu-10, bonke abasebenza efemini, ngemuva kokuwelwa udonga efemini abebesebenzela kuyo eVellore, eTamil Nadu, eNdiya.
Le nhlekelele yehle efemini i-SIPCOT, eseVaniyambadi, ngemuva kokuwa kodonga lwefemu luwela phezu kwalezi zisebenzi ebezilele kwesinye isakhiwo.
OLUNYE UDABA: Kushone abasebenzi efemini eseJapan
Abayisikhombisa kwabashonile bangabantu bokufika, kusho umbiko wamaphoyisa, kubika i-NDTV.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter