Mexico City – Ukudubulana okube khona phakathi kwezimbangi zamaqembu ezigebengu eMexico, kushiye kushone abantu abangu-11, kusho iziphathimandla ngoLwesibili.
Isikhulu
sezokuphepha, u-Alfredo Castillo, utshele izintatheli ukuthi lolu wudlame
oluphakathi kwezimbangi edolobheni laseLa Ruana.
Funda nalolu daba: Kubyiselwa emuva inqwaba yobhodisi.
UCastillo akazange acacise ukuthi yini eholele ekutheni badubulane.
NgeSonto, lamaqembu avale imigwaqo emikhulu eMichoacan, kodwa
akubikwanga muntu olumele.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.