Phnom Penh – Iziphathimandla zaseCambodia zithe abantu abangu-16 bashonile kwathi inqwaba yalimala kanzima ngisikhathi iveni lishayiswa yibhasi ebelidla amagalane.
Ngokombiko leli veni belilayishe izisebenzi ebezilibangisa emsebenzini ngoLwesibili ekuseni ngesikhathi kwenzeka le nhlekelele esifundazweni saseSway Reing.
UChieng Am oyiMeta uthe ibhasi belihamba ngesivinini ngesikhathi lidlula imoto labe selitholana phezulu neveni.
OLUNYE UDABA: Unesi ulahlwe yicala lokubulala iziguli ngomjovo
Uqhube wathi leli veni belilayishe izisebenzi ngokweqile njengoba belithwele izisebenzi ezingaphezulu kuka-30 kanti akekho ebhasini olimalile kule ngozi.
Izingozi yizona ezihamba phambili ngokushona kwabantu ezweni laseCambodia kanti ngokwehhovisi likangqongqoshe wezokuthutha bangu-2000 abantu abashonele emgwaqweni ngonyaka owedlule.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho