Ukuqhuma kwenzeke ngasemakethe edayisa izithelo.
"Ukuqhuma kubulale abantu abathathu abahlanganisa nephoyisa uShafiq Tanoli," kusho isikhulu samaphoyisa uTanvir Ahmad Tunio, etshela abezindaba ze-AFP.
UTunio uthi bahlanu abantu ebebesesitolo ngesikhathi kwenzeka isehlakalo.
Idolobha iKarachi, liyikhaya kubantu abangaba ngu-18 million, lingenisa umnotho ka-42% ezweni kanti sekukaningi libhekana nezehlakalo zodlame.
Okwamanje alikho iqembu elivume lesi sehlakalo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).