Paris – Ukuqubuka komlilo eflethini eliseParis ngezintatha ngoLwesithathu kubulale abantu abayisishiyagalombili, okubalwa kubo nezingane ezimbili, kusho amaphoyisa.
Izikhulu zithi zisola ukuthi lo mlilo uqalwe ngamabomu.
Lo mlilo uze wacishwa yizicishamlilo ezingaphezulu kuka-100.
Abaseshi bayaphenya ngembangela yalo mlilo oqale ezindaweni ezimbili kuleli flethi.
OLUNYE UDABA: Kushone 17 kuqubuka umlilo ejele
Okhulumela uMnyango wezangaPhakathi, uPierre-Henry Brandet, uthe: “Kunezimpawu zokuthi lo mlilo uqalwe ngamabomu.”
Izicishamlilo zibizwe okokuqala ngabo-02:20 zacisha umlilo, kepha ziphinde zabizwa futhi ngemuva kwamahora amabili – umlilo ususha ubuhanguhangu.