Peshawar - Kushone abavukuzi abayisikhombisa ngesikhathi uphahla lwemayini yamalahle luwa ePakistan, kusho izikhulu ngoMsombuluko.
Inhlekelele yenzeke ngeSonto ebusuku endaweni yaseDowli e-Orakzai, okungesinye sezifunda ezizimele, okuyikhaya lamasosha eTaliban nawe-al-Qaeda.
Isikhulu esiphezulu sendawo uKhushal Khan, utshele i-AFP ukuthi izidumbu zabayisikhombisa sezitholakele zayiswa emakhaya azo eShangla.
Esinye isikhulu naso siyiqinisekisile le ngozi.
Izimayini eziningi ePakistan zaziwa ngezokuphepha ezingekho sesimweni esihle.
Isigameko esifuze lesi sake senzeka phambilini.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
Sapa - AFP