Conakry – Kushone amalungu omndeni ayisishiyagalombili, okubalwa nabesifazane ababili abebezithwele, ngesikhathi umuzi wabo uthungelwa umlilo eGuinea, kusho abazibonele namaphoyisa ngoLwesithathu.
Lo mlilo uqubuke ezintatha ngoLwesithathu, umphakathi wazama ukuwubhula kepha wahluleka ukusindisa abebephakathi.
“Bekudabukisa. Sizamile ukusiza umndeni kepha kwazinhlanga zimuka nomoya. Izicishamlilo azifikanga ngesikhathi,” kusho ozibonele.
OLUNYE UDABA: Kushone 15 kuqubuka umlilo ekhaya labadala
"Omakhelwane babhidlize izindonga zomuzi, bakwazi ukusindisa umuntu wesilisa oyedwa,” kusho okhulumela amaphoyisa u-Almamy Laye Soumah etshela i-AFP.
Kushone amakhosikazi amabili akhulelwe abesesithenjini nezingane eziyisithupha.
Ubaba wekhaya ubengekho eGuinea ngesikhathi kwehla lesi sibhicongo.
UNdunankulu uMohamed Said Fofana uhambele indawo yesehlakalo.