isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Kushone amaphoyisa kuqhunyiswa ngebhomu

2012-05-31 12:06
Kandahar - Umuntu oziqhumise ngebhomu esemotweni ushone kanye namaphoyisa ayisihlanu kwalimala ayisithupha eningizimu ye-Afghanistan, kusho izikhulu kuhulumeni ngoLwesine.

Indoda engaziwa kuthiwa igasele ngemoto yashayisa ubonda ekomkhulu lamaphoyisa e-Arghistan, esifundazweni iKandahar, kusho umkhulumeli kahulumeni uJavid Faisal.

"Amaphoysia amahlanu akade egade esangweni ashonile ayisithupha alimala," kusho uFaisal.

Isifundazwe lesi siyisizinda seqembu iTaliban, elidlangile ekuhlaseleni uhulumeni nezinhlaka zangaphandle.

AbeTaliban akaze baphawule lutho ngalesi sehlakalo.


"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Sapa-DPA
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)