Beirut – Amavukelambuso aseSyria atholane phezulu namasosha kahulumeni ngoMsombuluko eGolan Heights, kanti izinhlangano zamalungelo abantu zithi kunabashonile nhlangothi zombili kodwa sangadalulwa isibalo esicacile.
Impi ibisedolobheni laseHamidiyeh esifundazweni saseQuneitra ngasemngceleni wakwa-Israel onombango, ngokusho kwabamalungelo abantu.
Abezindaba eSyria bathe amasosha abulale inqwaba yamaphekula acekela phansi nezibhamu ezinkulu ngesikhathi kuliwa.
Uhulumeni wakuleliya lizwe ubabiza ngamaphekula labo abazama ukuketula uMengameli uBashar Assad.
Ukulwa kudlange ngamandla kuleya ndawo kusukela amavukelambuso adla
indawo engasemngceleni edolobheni laseQuneitra ngoLwesithathu olwedlule.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.