Iphephandaba iMetro libike ukuthi kusolwa ukuthi indoda ihlasele inja yohlobo lweStaffordshire bull terrier kwabe sekuqala ingxabano nomnikazi wayo.
Le ndoda itholakale isishonile ngasesichabheni ngemuva kokuvalelwa amadoda amane kanti kusolwa ukuthi ihlaselwe yisifo senhliziyo.
Le ndoda ibingaka hlonzwa kanti kukholakala ukuthi ibidle izidakamizwa.
Kuboshwe amadoda amane, eneminyaka engu - 40, 44, 69, nengu-50 ubudala.
Lama doda athweswe icala lokubulala ngokungenhloso, kubika iTimesLive.
OLUNYE UDABA:Umlisa osezinsolweni zokudlwengula inja yakhe
Okhulumela amaphoyisa utshele abephephandaba iMetro ukuthi: "Kube nengxabano ngaphandle kwesitolo. Umufi ubevalelwe ngenxa yokungaziphathi ngendlella.
"Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu iphume ingacacile kanti uphenyo lusaqhubeka, okunye futhi okungenzeka ukuthi icala lihoxiswe ngenxa yemiphumela."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter