Izingane kukholakala ukuthi zashona zibulawa yizifo ezijwayelekile, zishona ngesikhathi zizalwa ezinye zishone ziqeda ukubelethwa.
Lokhu kumenyezelwe ngabezindaba eGlobo.
Umbiko uthi ezinye izidumbu bese zihlale esibhedlela isikhathi esiyiminyaka emine.
Izingane ezingu-15 bezingakahlonzwa ukuthi zingobani.
"Isimo siyethusa, izidumbu zilekiwe, azinakiwe nokunakwa " kusho umshushisi woMbuso u-Ana Cristina Huth Macedo.
"Konke lokhu kuhlale obala ngesikhathi isibhedlela simemezela ngomama othile odla izidakamizwa, obaleke esibhedlela ngemuva kokuthi eshonelwe yingane.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).