Atlanta - Kutholakale ingane yentombazane enamahora izelwe ilahlwe ngaphandle komuzi oseningizimunentshonalanga ne-Atlanta, kusho amaphoyisa.
Amaphoyisa ase-Atlanta aqambe le ngane ngo-Harlan okungumgwaqo etholakale kuwo.
OLUNYE UDABA: Kutholwe ingane isishonile emgqomeni
UHarlan ubegoqwe ngengubo kanti ingxenye yenkaba ibisalenga.
Amaphoyisa atshele abeDaily Mail Online ukuthi afike endaweni yesigameko isaphila le ngane, kubika abe-Mirror.
Amaphoyisa aphinde athi ingane isesimeni esikahle esibhedlela iScottish Rit ngemuva kokuhlolwa ngudokotela.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho