Londinn - Maduzane ihlanzi izoshelwa ngamanzi kuloyo owabulala iphoyisa lesifazane laseBrithani, uYvonne Fletcher, owabulawa ezindlini zenxusa laseLibya, eminyakeni engu-30 edlule.
UKhomishana wamaPhoyisa uBernard Hogan-Howe, uhlangane nomndeni kaFletcher kanye nozakwabo, ngesikhathi kuqhutshwa isikhumbuzo sakhe.
Iphoyisa labulawa mhlaka-17 Ephreli 1984, labe lineminyaka engu-25 ubudala.
Abantu abangaphezu kuka-520 babe nomzuzu wokuthula kukhunjulwa uFletcher.
Umbulali kukholakala ukuthi wabaleka eBrithani.
Lokhu klubulala kuthathwa njengezinye zezinto eziphazamisa ubudlelwano phakathi kweLibya neBrithani.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.