Beijing - Iziboshwa ezintathu, okubalwa kuzona nesisodwa esagwetshwa isigwebo sentambo, zeqe ejele laseChina ngemuva kokubulala unogada ekuseni ngoLwesibili, kusho abezindaba kuleliya lizwe.
Ukweqa kwalaba kuleli jele laseYanshou ngaphandle kwedolobha laseHarbin kwenzeke ngezithuba zabo-06:00 ngoLwesibili, ngokusho kwephephandaba leCommunist Party, iPeople's Daily.
Amaphoyisa kumanje athungatha lezi zigebengu ezeqile.
Omunye wabalisa, oneminyaka engu-50 ubudala , uGao Yulun, ubegwetshe isigwebo sentambo, kusho umbiko.
Abanye ababili, oneminyaka engu-35 ubudala, uWang Damin noLi Haiwei, oneminyaka engu-29 ubudala, bebethweswe amacala okushaya nokwaholela ekushoneni komuntu kodwa okwamanje akukacaci noma icala labo beseliqalile yini ukuthethwa.
Laba bobathathu
bagqoke izimpahla zamaphoyisa base bebaleka, kusho umbiko.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.