Othisha abangu-21, abaphathi besikole kanye nabanye bathweswe icala lokubulala, elobudedengu namanye amacala ngalo mlilo owabhebhetheka esikoleni sasedolobheni laseKumbakonam endaweni yaseTamil Nadu ngonyaka ka-2004.
UMshushisi uR. Madhusudhanan uthe: "Umsunguli walesi sikole, uthishomkhulu kanye nompheki bayandakanyeka kulaba abangu-10 abatholwe benecala kwathi abanye abangu-11 bona bakhululwa.
Abazali bezingane ezashona, ezazineminyaka ebalelwa kweyesikhombisa kuya ku-12 ubudala, bame ngaphandle kwenkantolo ngobuningi babo belinde isinqumo, kubika abezindaba zaseNdiya iPress Trust.
Umlilo kuthiwa waqubuka ophahleni ekhishini, nokuthiwa lalifulelwe ngotshani, nalapho kwakulungiselelwa khona isidlo sasemini, wabe usudlulela kwamanye amagumbi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter