New York – Iphoyisa laseMissouri eladubula labulala ibhungu uMichael Brown owayengahlomile
edolobheni laseFerguson ngeke liphinde libuyele emsebenzini ngokusho kommeli
walo.
UDarren Wilson kubikwa ukuthi ixoxisana nezikhulu zamaphoyisa aseMissouri
ngendlela engcono yokushiya umsebenzi ngokusho kummeli wakhe uNeil Bruntrager
kuleli sonto.
“Ayikho indlela yokuthi angaphinde abuyele ekubeni yiphoyisa,”
kusho ummeli wakhe.
UWilson wadubula uBrown oneminyaka engu-18 ubudala
ngo-Agasti wathi wakwenza lokhu ngoba wayezivikela. Ukubulawa kukaBrown kwasusa
imibhikisho ezindaweni ezahlukene e-America umphakathi ukhala ngobandlululo
nokungahlonishwa kwempilo yomuntu omnyama.
OLUNYE UDABA: Ngeke lithweswe icala iphoyisa elabulala ibhungu
UBruntrager uthe uWilson uthe ushiya
ngoba enonembeza futhi ecabangela nesithunzi samaphoyisa yingakho engeke
esaqhubeka nokuba yiphoyisa.
“Kuningi okungamehlela uma ebuyela emsebenzini
noma okungehlela lowo azosebenza naye.
Ukushiya umkhakha wamaphoyisa iyonanto
engcono nemlungele angayenza kwisimo abhekene naso,” ummeli wakhe echazela i-CNN.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho