Seoul - Labo abahlukumeza amalungelo abantu eNorth Korea kumele kubhekanwe nabo ngokushesha, hhayi izinhlelo zezikhali zenuzi, kusho uMengameli waseSouth Korea uLee Myung-Bak ngoLwesithathu.
ULee uphendule kanje ngesikhathi ehlangene nezishayamthetho zaseMelika, okubalwa u-Ileana Ros-Lehtinen, nonguSihlalo wekomidi loMnyango wezangaPhandle, kusho okhulumela umengameli uLee Miyon.
"Udaba lwaseNorth Korea kumele lusukunyelwe ngokushesha, izimpilo zabantu zibalulekile kunohlelo lokuhlolwa kwezikhali zenuzi," kucashunwa umengameli esho.
Izithunywa zaseMelika sithembise ngokwenza okuthe xaxa ukuqinisekisa ukuthi ayaqhakambiswa amalungelo abantu eNorth Korea.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
Sapa - AFP