White Hills – NgoLwesine amaphoyisa ase-Arizona athe alikho icala elivuliwe ngesehlakalo sokudubula esenziwa yingane eneminyaka engu-9 ubudala endaweni yokufundela ukusebenzisa isibhamu, aqhuba ngokuthi lesi sehlakalo saba yiphutha.
Kodwa izikhulu ezibhekela ezokuphepha emsebenzini zenza olwazo uphenyo ngesehlakalo sangoMsombuluko ekuseni esiqoshwe kwi-video okwashona kusona uthisha wesikole.
Isehlakalo sokudubula esenzeka e-Arizona Last Stop eWhite Hills, ngasemngceleni waseNevada, sesisuse ukuphikisana mayelana nezikole ezifundisa ukudubula nangesenzo sokuvunyelwa kwengane ukuba ingene kuleya ndawo iphinde inikezwe isibhamu.
"Ngemuva kokubuka i-video, amaphoyisa asethathe isinqumo sokungalwenzi uphenyo,” kusho umaphoyisa endawo esitatimendeni.
I-video ikhishwe ngamaphoyisa ngemuva kwesehlakalo, kanti kuyona kuvela uCharles Vacca, uthisha, enikeza intombazanyana isibhamu ethi eyidubule isithombe okufundelwa kusona ukudubula.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.