Ngaphambi kokuthi wehlulele, funda lonke udaba.
UGillian uthi washada uRoy eneminyaka engu-19 nje vo ubudala, ezifela ngaye nempilo imnandi, kubika iDaily Mail.
Uthi konke kwashintsha ngosuku lapho bamukela indodana yabo yesibili emhlabeni, uStephen, 47, owazalwa neDown’s Syndrome.
OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe umama ohushulise ingane isisu
Uthi ngemuva kwalokho impilo yashintsha kakhulu, njengoba kunzima ukukhulisa ingane ezalwe inje.
UGillian uthi ngabe unamanga uma ethi usekwamukele ukugula kwendodana yakhe ngemuva kwayo yonke le minyaka.
Uthi into emenza akhathazeke kakhulu ukuthi ngubani oyoyinakekela uma engasekho emhlabeni, njengoba ethi uma isivukwe ukugula “ayizwa mshini” ifuna yena kuphela futhi ayincengeki.
Uthi kukaningi ezama ukubulala indodana yakhe aphinde azikhuze.
Uqhuba ngokuthi kulabo abamehlulelayo, abake bacabange ukuthi kunzima kanjani ukunakekela indoda endala engakwazi ukuzenzela lutho ngaphandle kwakho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho