New York - Isikhulu esiphezulu enkampanini yakwa Apple, uTim Cook, uthi uyakuthanda ukuba yisitabane , akazenyezi nakancane ngakho, esho ebhala ebhukwini iBloomberg Businessweek.
UCook ungosomabhizinisi wokuqala kwabanye abakhulu, ukuthi aphumele obala ngobutabane.
Ebhala uthe yize engakaze akuphike ukuthi utabanile, ubengakaze aphumele obaka akhulume ngakho esidlangalaleni.
Funda nalolu daba: Ligcine lidedelwe ikhehla ebeliboshelwe ubutabane
Echaza uthe bekungelula ukuthi aphumele obala, wathi akathandi ukukhuluma ngempilo yakhe yangasese.
Ezinsukwini ezintathu ezedlule, lesi sikhulu siphonsele uhulumeni wase-Alabama inselelo, sathi akasukumele amalungelo abantu abayizitabene.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.