UDouglas uthi ubegila lo mkhuba ngesikhathi esebenza emakhazeni phakathi kuka-1976 kuya ku-1992, ethi ubesuke edakiwe noma edle izidakamizwa, kusho abezindaba ze-The Source.
"Ngangibakhwela bese ngehlisa ibhulukwe ngilale nabo. Ngangingakwazi ukulala nabo uma ngiye emsebenzini ngingaphuzanga," kusho uDouglas etshela inkantolo.
Unkosikazi kaDouglas kuthiwa ubevame ukukhalaza ethi ubuya njalo ekhaya enuka ucansi.
Abanye ekuthiwa lona walala nabo, uCharlene Appling, 23, alala naye ngosuku ashona ngalo, ngemuva kokuklinywa.
U-Appeling washona enezinyanga ezingu-6 ekhulelwe.
Ebanjwa uDouglas, kwakuqhubeka icala lokubulawa kowesifazane owadlwengula, ngesikhathi kuhlolwa isidumbu sakhe kuqhubeka icala elibekwe uDavid Steffen, kwagcina kutholakala isidoda sikaDouglas.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.