Echaza uthi wathathwa ngumuntu owayehamba ngemoto ngenyanga eyedlule, esesemotweni waqala iculo likaHezekiah Walker, i-Every Praise.
Uthi umthumbi wakhe waqala wamthethisa efuna ayeke ukucula, nokho waqhubeka.
Abezindaba ze-WXIA-TV, bathi umculi uHezekiah Walker, uhambele kubo kwalo mfana, eyombona.
Amaphoyisa aphansi phezulu athungatha umthumbi, isehlakalo senzeke mhlaka-31 Mashi.
Umthumbi akaziwa ukuthi ungubani.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).