Cape Town - Ngokocwaningo lwakamuva, akusilo iqiniso ukuthi abantu abaphuza kakhulu basuke beyizigqila zotshwala, phezelezi ama-alcoholic.
Ngokocwaningo lukaRobert Brewer, olushicilelwe ebhukwini i-U.S. Centres for Disease Control and Prevention abantu abaku-90% abaphuza kakhulu utshwala, abasizo izigqila ezingaze zidinge ukwelashwa.
Abantu abayizigqila zotshwala yilabo
abathi uma bephuza bangabe besakwazi ukuzibamba, yize noma bebona ukuthi
bubadalela izinkinga emndenini.
Funda nalolu daba: Kuthiwa kudliwa utshwala kuleli
Ucwaningo luthi abantu abaphuza kakhulu utshwala yilabo abaphuma emindenini engaholi kangako.
Babalelwa ku-88 000 abantu ababulawa ukuphuza bangazinakekeli ngonyaka, kusho abakwa-CDC.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).