Umama wengane angeke laziswe igama lakhe ngenxa yobuncane beminyaka yakhe, waqomana nesoka lakhe eneminyaka engu-11 ubudala.
Kumanje usasesikoleni samabanga aphansi, kusho abezindaba zedailymail.
Umama wentombazane uneminyaka engu-27 ubudala, nguye ongugogo osemncane kunabo bonke eBrithani.
Abazali bentombazanyana bahlangana ngoKhisimusi ka-2012, baqomana kanti uma besho bathi bayathandana.
Abezindaba zeThe Sun, bacaphune umthombo othi ogogo bengane bayabeseka abantwana babo.
"Umfana nentombazane sebethandane isikhathi esingaphezu konyaka, abadlali bathandana ngempela. Intombazane izinikele ngokuphelele esokeni layo kanti izimisele nangomshado."
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.