Berlin – Owesifazane, 65, waseGermany ubelethe amawele amane esibhedlela esiseBerlin ngesonto eledlule, nosekubeka ku-17 inani lezingane anazo.
Lezi zingane zabafana ezintathu nentombazane eyodwa zibelethwe singakashayi isikhathi, nokho kuthiwa zisesimweni esigculisayo, kusho umbiko wesiteshi sikamabonakude i-TRL.
U-Annegret Raunigk usevele unezingane ezingu-13 nabazukulu abayisikhombisa.
OLUNYE UDABA: Isalukazi, 65, sikhulelwe amawele amane
Isimemezelo sokukhulelwa kwakhe ngenyanga eyedlule sasuka omkhulu umsindo eGermany, kuthiwa bekungafanele akhulelwe ngenxa yeminyaka yakhe.
URaunigk, onguthisha, wafakelwa amaqanda nesidoda ukuze athole la bantwana, kanti manje usemabhukwini omlando ngokuba ngowesifazane omdala kunabo bonke emhlabeni ukubeletha amawele amane.