Share

Ongene emzini kaMengameli nommese uthi ubefuna ukuxoxa

Washington - Umlisa ojombe uthango okubiyelwe ngalo, woqonda endlini emzini kaMengameli waseMelika, eWhite House, ubephethe ummese kanti futhi uthi wayeyingxenye yamasosha ayeyibambe e-Iraq, nosekwenze kwabuyekezwa ezokuphepha.

IWhite House – okuyindawo okusebenzela kuyona uMengameli aphinde ahlale khona – ithathwa njengendawo ephephe kakhulu emhlabeni.

Izikhulu zezokuphepha zithe lo mlisa ongene emzini kamengameli, ohlonzwe njengo-Omar Gonzalez,42, ungene kulesi sakhiwo ngaphandle kokuthola izinkinga ngoLwesihlanu.

UMengameli uBarack Obama nomndeni wakhe bebengekho endlini ngaleso sikhathi, kodwa kudingeke izintatheli nezisebenzi zikhishwe ngokushesha.

Funda nalolu daba: U-Obama ufuna olunye uxhaso lwamazwe ane-Ebola.

"Ngiqonde ku-Omar Gonzalez ngamthethisa ngimtshela ukuthi akayeke lento eyenzayo. Kodwa akangilalelanga, uvele waqonda ngqo eWhite House, egijima" kusho unogada encwadini efungelwe.

UGonzalez uboshiwe ngemuva kokungena emyango ongaseNorth Portico khona eWhite House.

Abezokuphepha bathi bathole ephethe ummese ongamasentimitha angu-8.90 ubude.

Lo mlisa ngemuva kokuboshwa kwakhe, utshele abezokuphepha ukuthi,” uyilungu lo mphakathi elikhathazekile ngesimo sezwe ngakho kukhona izincazelo abezifuna kuMengameli waseMelika ukuze yena azoziatshela abantu.” 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 494 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 522 votes
Vote
Rand - Dollar
19.11
+0.4%
Rand - Pound
23.80
-0.4%
Rand - Euro
20.46
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.40
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
920.40
-1.1%
Palladium
1,026.50
+1.1%
Gold
2,322.61
-0.2%
Silver
27.34
+0.6%
Brent-ruolie
87.00
-0.3%
Top 40
68,051
+0.8%
All Share
74,011
+0.6%
Resource 10
59,613
-2.2%
Industrial 25
102,806
+1.7%
Financial 15
15,897
+1.8%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE