Carolina - Umlisa wasedolobheli laseCarolina owabulala izingane zakhe ezincane ezinhlanu uthi ukuba akazibulalanga izingane, zazizombulala zona kuqala bese zimnikela ezinjeni esefile, ngokusho kwencwadi ekhishwe izilo.
Amaphoyisa athi uTimothy Ray Jones wabulala izingane zakhe ezinhlanu ezineminyaka engaphansi kweyishumu ubudala emzini wakhe eLexington, eSouth Carolina, izidumbu zazo wazifaka kuplastiki wabe esezula nazo ngemoto izinsuku ezingu-9.
Imibiko yeCBS ithi ngesikhathi amaphoyisa emisa imoto yakhe
eMississippi ngoSepthemba 6, athola igazi emotweni yakhe kanye nencwadi echaza
ngokunquma izidumbu.
Funda olunye udaba: Indoda ivume elokubulala izingane zayo ezinhlanu.
Ummeli kaJones uthi ikhasimende lakhe lake lalashelwa ukugula ngengqondo kudala
futhi bafuna liphinde lihlolwe ngokushesha.
Kubikwa ukuthi eminyakeni emibili edlule, lona wesilisa wabamba
unkosikazi wakhe u-Amber eyakamakhelwane eyolala nomfana wakhona oneminyaka
engu-19 ubudala, ngokwamaphepha edivosi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.