Tallahassee - Owesifazane waseFlorida eMelika uboshelwe ukweba ithoyizi locansi, ivibrator ngesikhathi esephuma ngomnyango kuseshwa isikhwama sakhe esitolo esisenxanxathela yezitolo iVero Beach ngoMgqbelo, kusho amaphoyisa.
ULowe, 24, ungene esitolo waqonda emashalofini anezinto zabantu abadala emuva lapho afike wathatha i-vibrator eyingilazi wayifaka esikhwameni.
Le vibrtato ibiza imali elinganiselwe ku-R314.17.
OLUNYE UDABA:
ULowe ubhekene necala lokweba impahla esitolo, kubika iTheSmokingGun.
Ekhuluma uLowe uthe ubengazitsheli ukuthi uzobanjwa.
Njengamanje uLowe ungaphandle ngebheyili yemali elinganiselwe ku-R6 286.