Los Angeles - Owesilisa udubule wabulala iphoyisa waphinde wagwaza abesifazane abathathu oyedwa wabo washone endaweni yaseLouisiana eLos Angeles ngoLwesithathu, ngokusho kombiko.
Kubikwa ukuthi abesifazane abesifazane ababili abagwaziwe bahlobene neMeya yaseGrand Conteau.
Ngemuva kokuhlasela laba bantu owesilisa ochazwe ngokuthi unguHarrison Wuley Jr ungene emotweni yakhe wayoshayisa esitolo esiseduzane.
Ngemuva kokushayisa nemoto ube esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela, ngokubika kwe-NBC News.
OLUNYE UDABA: Ukubopha izitabane kuzobhebhethekisa i-HIV - Umbiko
Okhulumela amaphoyisa uBobby Guidroz uthe uWiley ugwaze unkosikazi wakhe nodadewabo ababili ngaphambi kokuba abulale iphoyisa, uHenry Nelson, elineminyaka engu-51 ubudala.
"Udadewabo kankosikazi wakhe ushone ujuqu kulesi sigameko esenzeke ngoLwesithathu ntambama.
Unkosikazi wakhe nomunye udadewakhe babesisimweni esibucayi esibhedlela," kusho uGuidroz.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter