Islamabad – Izwe lasePakistan selizoqhubeka nokunika isigwebo sentambo abatholwe namacala obushokobezi, kusho iHhovisi likaNdunankulu ngoLwesithathu, ngemuva kosuku amaphekula eTaliban ebulale abantu abangu-141 emagcekeni esikole.
Kugxekwe kakhulu ukuhlaselwa kwesikole esiphethwe amasosha enyakatho-ntshonalanga yedolobha lasePeshawar, esehlakalweni esinyantisa igazi kunazo zonke emlandweni wasePakistan.
Funda nalolu daba: Sesimi kwabangu-121 esabashone kugasela iTaliban.
Abaholi bezombusazwe kanye nezikhulu zamasosha bathembise ngokuqeda nya ngamaphekula asebulale izinkulungwane kuleliya lizwe eminyakeni yakamuva.
"UNdunankulu usegunyaze ukuba banikwe esentambo abatholakala namacala ezobushokobezi,” kusho isikhulu samasosha.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.