Baghdad - Ukuqhuma kwamabhomu amabili endaweni okuhlala kuyona abeShiite enyakatho yedolobha laseBaghdad ngoLwesibili, kushiye kushone abantu abalinganiselwa kwabangu-12, kusho abezokuphepha nabezempilo e-Iraqi.
Ukuqhuma kwamabhomu abesemotweni endaweni yaseTalbiyah - okuphinde
kwalimaza abalinganiselwa kwabangu-40 - kuyisehlakalo sakamuva sokuhlasela
okubhekiswe kumalungu eShiite enhlokodolobha, kanti bangu-40 asebeshonile
ezinsukwini ezintathu.
Funda nalolu daba: Kuboshwe indoda ebulale ingane ebichamela umbhede.
Okwamanje bebengakabikho abaphumele phambili ngalokhu kuhlasela, kodwa
kusolwa i-Islamic State (IS).
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.