Baghdad – Sekushone abantu abangu-1 420 e-Iraq ngo-Agasti, kusho abe-UN ngoMsombuluko njengoba kuqhubeka udlame kuleli lizwe.
Lezi zibalo ziqhuba ngokuthi bangu-1 370 abantu base-Iraq abalimalile kanti abanye abangu-600 000 baphoqwa ukuba bahambe kule liyalizwe, kusho abe-UN.
"Izinkulungwane zabantu zilokhe zihlaseliwe, zibulawa yilama sosha e-ISIL (Islamic State). Isimo asisihle," kusho owe-UN wase-Iraq uNickolay Mladenov.
Owe-UN uphinde wathi kungenzeka ukuthi izibalo zingaphezu kwalezi ezibikiwe kanti izigameko eziningi ezilawulwa yi-Islamic State aziqinisekisiwe.
Zombili izinhlaka sezenze umonakalo omkhulu kule mpi ezinyangeni ezintathu ezedlule.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter