New Delhi – Bangaphezu kwenkulungwane abantu asebeshonile njengoba kuhlasele ukushisa okuxakile eNdiya, kusho izikhulu ngoLwesithathu.
Izangoma zezulu zithi lokhu kushisa kusazoqhubeka kubelesele.
Iningizimu neNdiya iyona ethinteke kakhulu ngenxa yesimo sezulu esomile ekubeni abantu abaningi kuleya ndawo besebenza ezinkontilakini, abanye abanamakhaya.
OLUNYE UDABA:Ukushisa okuxakile kubulale 500 eNdiya
Kithiwa lokhu kushisa kudale ukuthi imigwaqo incibilike eNew Delhi, njengoba izangoma zezulu zithi lokhu kushisa kuzodonsa kuze kube yisonto elizayo.
UBrahma Prakash Yadav, onguMqondisi woMnyango weSimo seZulu, uthe amazinga okushisa asazohlala ku-45 degrees Celsius enhlokodolobha.
“Ukushisa ngeke kwehle manje, kepha kulindeleke ukuthi liqale liphole ngomhlaka-2 Juni njengoba kubikwa izimvula,” esho.